Wednesday, May 12, 2021

The Nature of Impilo Yomoya (Borrowed from Igqirha on Facebook)

The Nature of Impilo yoMoya

- It is not everyone who is reincarnated. There are 
   old and new souls. Some who come to heal the 
   past and some who will tend for the future. 

- It is not not everyone who is called to be a healer 
   because of previous life "soul contracts". Not 
   everyone has these. Journeys are unique- so is 
   ones' spirit and destiny. 

- It is not everyone who is required to consume 
   intwaso (ukuyiphuza, uyiphalaze). Some 
   ancestors are from way back in time (ezweni 
   lenyama and loMoya) where this rite was not 
   performed by them. This is why there are 
   instances whereby you hear a person say 
   “Ngithwasile ndagoduswa/ngaphotulwa 
   kwabamnyama konke”. There are some things 
   which are not for your ancestors. 

- It is not everyone who is supposed to have 
   incisions (iintlanga/ukugcaba). Some people are 
   not meant to shed blood- regardless of 
   circumstances. Their power & ubukhosi (life 
   force) is in their blood.

- It is not everyone who is meant to wear instimbi/
   beads. In some instances, wearing them can 
   make ingulo yakho worse. 

- It is not every person who is meant to be trained 
   emanzini. This is one of the most complex and 
   energy consuming practises. I honestly would not 
   wish it upon anyone- you come out different. 
   You navigate the spheres and go through 
   time/space, wormholes & alternate realities. It 
   takes a toll on one's body and mind. Your outlook 
   on this world is forever warped and inadequate 
   because of what you've seen exists. It's like living 
   in a world of summer and sunlight, then suddenly 
   coming back to a rainy world in black and white.  
   You are haunted by the waters and grow weary of 
   this earth. The music of the waters sings forever 
   in your ears.  

- It is not ever person who is meant to be initiated 
   by another healer. Regardless of whether or not 
   you emerge from ebuKhosini (royal lineage). 
   ubuGqirha bomNtu is governed by the secrets of 
   iThongo and the person it walks with. Secrets 
   carried down and passed on from emazulwini- 
   from uQamata and His host of heaven. We each 
   have our own purposes, and thus, each have 
   our own secrets about the nature of life which are  
   revealed to us according to ones gifts'. Every gift 
   is but a voice which contributes to The Song. No 
   one knows where it began and no one knows 
   when it will end- if ever. 

- Ukuthetsyulwa ngabaNtu Abadala (being 
   taken by your ancestors) in order for them 
   to train you themselves does not exclusively  
   mean you are only taken to Umzi Omkhulu (the 
   river or the sea). Some ancestors dwell ehlathini 
   (veld), emaweni (precipices) nasemaqolombeni 
   (caves) and will take their child there. There is 
   uMhlekazi who was taken to ehlathini by her 
   ancestors eLusikisiki and spent a year in the 
   wild- most of her time there was spent in a 
   dreamlike haze- completely taken over by 
   iDlozi lakhe (Camagu Thongo!). Umgoduso 
   wakhe (the ceremony of taking her home) was 
   different to that of iGqirha lenyama and required 
   the collective energy of our ancestors & izilo 
   zethu as the ones officiating her ceremony in 
   order to draw her out safely and return her to the 
   land of the living. To this day, when she channels 
   her ancestors through ukuxhentsa entlombeni, 
   her eyes change to that of a leopard (this was 
   one of the animals that guided, protected & 
   also taught her alongside her ancestors) and 
   looking into her eyes is not something everyone 
   can physically do. 

- What works for the person next to you may not 
   work for you. Ancestors are different. Gifts are 
   each individual. 

- You are not a slave to your ancestors. You are 
   allowed to negotiate. You are allowed to say no. If 
   uMkhulu wakho used to smoke icuba/ugwayi and 
   would like you to do the same, you are allowed to 
   reject this (although you'd also really probably 
   enjoy it). You are allowed to live and enjoy life in 
   the same way that they did- always put God and 
   them first. The relationship between umNtu 
   namaThongo wakhe is based on mutual respect. 
   One cannot survive without the other. 

- An ancestor that turns their back on you is worse 
   than anything you can imagine. Do not delve into 
   things and practices that are not for you. Do not 
   test the goodness and ukukhanya of your 
   ancestors. They came from far. Your spirit is 
   immortal & pure and should never be tainted by 
   anything that stains it in any way. Stick to your 
   path. 

- Ukuthwasa is not a game. There is nothing simple 
   about it. Some of iZangoma that have graduated 
   still do not grasp the depth of lendlela yabaNtu 
   Abadala because for them, it was "something 
   they had to get through". 

- Only you can help yourself. The answers are not 
   on this post, nor in any written article- they are 
   within you. Your healing is not outside, nor in 
   someone else's house but within the land where 
   your soul dwells. This is why you do not rush to 
   go and thwasa as soon as you discover you are 
   called. It is your time to first understand yourself, 
   your ancestors and your purpose- only then can 
   you begin. 

- To reject your spirit is to reject your healing. 

Deda bumnyama vela kukhanya 🐆

Saturday, May 8, 2021

Izibongo zeSilo uMisuZulu ka Zwelithini - UZulu Omnyama oNgqondo Zimhlophe







INkosi emnyama yakithi kwaKhangelamankengana. Engiyikhangele ngafunga. Somhlola kwelakwa Ngwane. Ngaye ngafunga uJininindi kithi lapha kwaZulu. Isililo siyimvula yezinyembezi. Abasikhale kithi kwaKhetha akwaba ndabazalutho. Baye basikhala kithi kwaKhangelamankengana akwaze kwaba ndaba zalutho. Inkunzi emakhanda alubanzi yakoka Sobhuza. eVimbele uMbonisi yavalela uThembi egane emaNdlovini yavalela uThokozane lichwayimbane. Ubukeyikeyi benqola yehla yenyuka ithwele ixoki. Zigi zekalishi azilingani nezika Bhejane.

Ngoba zinyathele kwazamazama izintaba zoPhongolo noKhahlamba. Inyathi kaNdaba empondo zincushe Zihlabe kwaKhetha badunguza oswini. Zadlumuntu kwa Khetha kwavungama Isixokoxoko seqeqebane Loyomsindo kumaZinyane kazi ungowani? Ubangwe abaseKhwezi nakwa Khetha.

Ayaxokozela axokozela Indlondlo yakoka Mahlokohla. Bathi ngaze kwaba Ndlondloni lena engavuli mlomo? Ngoba zonke izindlondlo ziyayivula imilo. Inkonjane kaNdaba ewele ithwele isiCoco eNingizimu. Iyoshona eNtshonalanga. Yabuya isithwele iziqu. Yabuya ithi intandane enhle ingumakhothwa nguNina. Yabuya isihumusha kwelaba mhlophe yebo abeLungu. Uwele kahle Mtaka Jama ngoba uwele uphakathi komhlane neMbeleko. Wathi kubuya wabuya ngomkhumbi wezinyembezi ezikhalwe amagumbi amane omhlaba. Usinqunqu kakhulu yebo akanamlomo. Sukuma mntaka Bhejane uyayibona imilomo iyavunana ezweni.

Kuvunane Izidwaba kithi kwaKhetha. Ezitshathe emikhonto zathi zikuphangisa esithebeni eMgungundlovu. Kanti bazigwazwe ngowabo balibale ukuyibamba kuhle kwaMantungwa. Uncwadi zaphuma ubusaphasapha, enye ibheke kwelabashokobezi eMgungundlovu.

Enye ibheke esizweni esimisuZulu wonkane. Unesibindi Buthelezi ngokukhuthazela umtaka Bhejane. Bemphunga bephequla. Bethi Zulu ngekusibuse awugcagcelwe, kawukaqini. Kazi wawukuphi sifungi iLembekazi wawukuphi sifunga Umbomboshe omnyama. Inkosi abavume ezizweni, bayivume emaphepheni. Bayivume kwezo Chwepheshe. Sithuka sebeyiphika esendeni. Ubhamu zaphuma kabi ngoba zaphuma ekhwapheni lamavaka. Abazihlohle sebedele amaqiniso. Mabili engiwabongayo, ngimthanda eMisuzulu ngathanda eMisuNgwane. Unkomo zagqabula umgoqo wamagumgedlela zibheke kwaNgwane.

Ezinye zisakhulekiwe konini. Zaqhutshwa uMgilitsha emaHhashini neNyosi eMdletsheni. Ngithande zibuya zithwele indlovu emnyama. Siyifaniso neNdlovu emnyama yas'Ondini. Siyifanisa noMbomboshe omnyama Emgungundlovu. Siyifanisa noMqwalajuba kwaDlamahlahla. Simfanisa neMbeje kwaMinya.

Unogaqa ngesamfonya kwelo Khuvethe. uGagane lukaNdaba ebelingahlabi muntu belihlaba umuntu ngoba elinyathele. Intini edungamanzi kwaKhetha. Abaphuze kuwo bangangatheka. Bayoshona ngesikhala samaJaji uNqayiza beyithibela. Ithitshelwe esendeni. Yavunywa ezizweni.

uHlohloloza ngeNdlovu enohlanya. Indlovu ethe umuka babe beyixokozela. Intaka ebekelwe ukuqulwa kwecala. Ezinye izintaka zibekelwa uju. Ihwanqa elimzimba muhle nangesilo. Ozindlebe Zinhle azinandawo yakusolwa. Omadevu ansansa awanandawo yakusolwa. Omehlo mahle awanandawo yakusolwa...Obe zingalo Zinhle azinandawo. Yebo yakusolwa!!! Indoda kusuka ngakhula ngiyizwa. Namuhla lokhu cishe ngayibona ngamehlo. Zitholene phezulu izidleke zengqungqulu. Esinye sikhwaza amaJaji eMgumngundlovu. Esinye sibuki Ngonyama. Angiqondi isiphi esabhidlika.

Kwathi sabhidlika Emgungundlovu. Amathe abuyele kwasifuba eNdlovini. Usifuba singungubele. Sigodle ukububula. Nyakamumbe sesiyakububula. Umuntu uyozizwa izindaba. Ukhozi lukaPhunga noMageba Ulunkanise kwangathi alinamaphiko. Kanti lithebele izindlandla.

Abaluthintayo luyobaqhwanda. Uyohlinza adele umelaphi. Indaba yenziwe ngakithi kwaZulu. Abadle iNtunda bebhekene. Kandukuya ebandla. Ahhh zingakanani izinyembezi ezingakhalela Unozinyembezi?Izinyembezi ezanele ukulilela Iqanda elilodwana likaMjokwane.

Lona elingumama lona elingu Baba. Unyawo aludele nyathu koLinyathele lapho nalapho  Oyise noyiseMkhulu abangasakufika. Ngoba lufike eMelika kwelabamhlophe abelungu uZulu omnyama ongqondo zimhlophe. Zidida abafundisi kwaNqondokulu. Emelika kwelabamhlophe abelungu.

Deda mathimboxo nami mavaka. Sengathi ekaJininindi iyawuvusa imilando. Emdala eyayenziwa ngoyise noyiseMkhulu. Iphiva elithushwana abalizengele la lingalele ngakhona elibe kulala langange. Zinyane lathi kuvuka langange Ngonyama. Simise Ndaba, Simise Zulu leNgqondovu, Uyibinda Bayede. 🙌🏾

10 Exceptional African Queens We All Should Know


 

Saturday, May 1, 2021