Saturday, November 20, 2010

Dear Mr Too-Damn-Good



Sthandwa seyami inhliziyo,
Ngizwa ngishaywa uvalo
Uma ngibheka konke oyikho

Kungabe iqiniso ngempela ukuthi ungowami?

Bathi abanye bephilela ubumnandi,
Wena wakhetha ukuzithanda.
Bathi abanye bephilela imanje,
Wena wakhetha ukusebenzela ikusasa lethu.

Ingabe uyazazi nje kodwa ukuthi uthandiwe kangakanani,
Indlela ohlonipha ngayo, yenza uhlonipheke.
Indlela ozithobile ngayo, yenza kube lula ukukuthobela.

Uyindoda emadodeni, qhawe lami,
Unyinsizwa yoqobo sthandwa sami.

Akekho owake wangithokozisa futhi wangenelisa njengawe,
Ngokwo moya, ngokwo mphefumulo, ndlela zonke

Inhliziyo yami igcwele ukunethezeka,
Uyimpendulo yayo yonke imikhuleko yami.
Futhi injabulo onginika yona angikaze ngiyazi.

Ngibonga iNkosi yami, idlozi lami, ngawe
Mngani wami, Sthandwa sami, Myeni Wami.

(Dedicated to my 'sausage with onions' man)

No comments:

Post a Comment